Johannesburg – UMnyango wezeMpilo eGauteng ulwamukele ucwaningo mayelana nengculazi nesandulela sayo olwenziwe yiHuman Sciences Research Council (HSRC).
“UNgqongqoshe woMnyango uHope Papo uthe lo mbiko uxoxa indaba emnandi ngomsebenzi owenziwa nguhulumeni kwezempilo kanye nokusebenza ngokubambisana nezinye izinhlaka mayelana ne-HIV esifundazweni,” kusho okhulumela uHapo, uSimon Zwane.
Uthe abantu abaningi abaphila naleli gciwane sebephila isikhathi eside ngenxa yokuthi sebedla amaphilisi okuthithibalisa igciwane, natholakala ezibhedlela nasemitholampilo eGauteng.
I-HSRC ikhiphe umbiko othi SA National HIV Prevalence, Incidence and Behaviour Survey 2012, ePitoli ngoLwesibili.